isiZulu is one of South Africa’s 11 official languages. This translation is by  Gugu Zulu.

Re-Evaluation Counselling      
Unified Goal on the Climate

Umgomo Wobumbano Wesimo Sezulu –

Abantu bakwi nyathuko engasimeme neze, lenyathuko ibeka konke okuphilayo engcupheni ngisho thina abantu imbala. Le nyathuko yasungulwa, yabese isekwa iminqubomgomo eyizilimazo ephethwe ohulumeni, imibusazwe kanye nezimboni ezitholakala emiphakathini yethu. Isibonelo salokhu: izimboni ezisebenzisa amalahle. Leminqubomgomo kufanele iguqulwe manje.

Ukuze sizoguqula leminqubomgomo, kufanele siqede ubandlululo nengcindezi ngobuningi bayo obenzwiwa ohulumeni, imibusazwe kanye nezimboni ukuze bezokwazi ukusungula leminqubomgomo ebese beyiphoqelela kubantu emhlabeni.

Sabelana ngom’bono womhlaba okhululekile, ngaphandle kwengcindezi. Lapho abantu besebenzisana ngokubambisana, ngendlela enokuthula nokuhlonipha umhlaba. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izidingo zawo wonke umuntu ziyatholakala. Ukuze um’bono wethu ube yimpumelelo, kufanele sinciphise imikhiqizo ngobuningi bawo, ikhakhulukazi lesi sinciphiso senziwe amazwe anezimboni eziningi futhi akhiqhiza kakhulu.

Thina njengom’phakathi we RC, sizibophele ekutheni sigqugquzele, sisekane ukuze lowo na lowo wethu ezokwazi ukukhipha (discharge) lonke usizi (distress) olungaphakathi kwethu olusivimbela ekutheni sikwazi ukuthutha izinyathelo ezifanele ukuze kuzolungiseka inhlekelele yesimo sezulu. Iningi lethu kuzofanele lihlanganyele nabanye abantu, kugxekwe ngokusobala iminqubomgomo engahluzekile. Ngokulinganayo ke, siphinde siseke izinxazululo ezisile.

Ukucindezeleka kwanoma iliphi iqembu Labantu akufanele, akunabo ubuntu, akulungile, kuyingozi ngoma kuyalimaza kanti futhi akuhambisani neningi Labantu. Njengoba izizwe esiphila kuzo zisebenzisa ingcindezi ukuze izokwazi ukuzigcina, kufanele siyiqede ingcindezi, sikhulule wonke umuntu kumaketangi okungahluzekile, lokhu kuzoqeda inhlekelele yesimo sezulu.

Ukuze siqede inhlekelele yesimo sezulu, kufanele siguqule uhlelo lomnotho olusetshenziswa kwelanamuhla, siguqule ukugxila kwalo ekwakheni inzuzo, yakhelwa ingxenye eyingcosana yabantu, siguqule indlela yalo yokufuna ukukhula kakhulu, siguqule indlela exhaphaza ngayo imvelo kanye nabantu. Siluguqule luze lube uhlelo oluhlonipha imvelo futhi iyisimamise. Ukuze siqede inhlekelele yesimo sezulu kufanele sisebenzisane umkanye ukuqeda ukuqeda zonke izinhlobo zezingcindezi kanye nobandlululo.

Izizwe esezixhaphaze abanttu kanye nomhlaba ziyimbangela yezenzo ezingahluzekile eziqhamuka kubantu ngenxa yosizi oluba kubantu oluvaleleka ngaphakathi (distress recordings). Ukufuna ukuzuza okuningi kakhulu ngaphandle kokucabanga imiphumela emibi ehambisana nokuzuza okuningi okuyikhona okusibeka kulesi sigameko esikuso njenga manje.

Usizi (distress) olubangwa iminqubomgomo engahluzekile kumele lukhishwe (discharged) ukuze sizokwazi ukusungula iminqubomgomo esimamisa umhlaba kanye nemvelo. Lolu sizi kumele lukhishwe lonke, kepha asizukwazi ukulinda ukuthi kwenzeke kuqala ebese kuyima sithatha amagxathu. Isimo sezulu simoshakala ngokukhulu ukuphazima kweso, kanti futhi nezinguquko ekufanele zenziwe ukuze sizobhekana nale nhlekelele yesimo sezulu kumele ziqale manje.

Ukusebenzisana umkanye kwinhlekelele yesimu sezulu kanye nengcindezi kudinga ukuthi siseke futhi silandele indlela yalabo abomdabu benza ngayo izinto. Sisebenzisane sonke emhlabeni, sakhe um’butho owamukela wonke umuntu ozosiza ukuqeda inhlekelele yesimo sezulu.

Ngokukhethekile, kufanele siqhubeke njalo umsebenzi wokuqeda zonke izinhlobo zezingcindezi, kanye nokuqondisisa indlela ezihlangana ngayo:

Ending Racism- Ukuqeda ubandlululo ngokwebala

Asizukwazi ukuqeda inhlekelele yesimo sezulu ngaphandle kokuqeda ukubandlulula ngokwebala. Ukubandlulula ngokwebala, amaphethini ahambiselana nokuphatha iningi, ukwenziwa kwama koloni phecelezi colonisation, ukuxhaphaza nokugubha amagugu sekukhande izimo ezibe yimbangela yenhlekelele yesimo sezulu. Okunye ke, abomdabu yibona abasengcupheni enkulu yezingozi ezibangwa yinhlekelele yesimo sezul, ukudlula izizwe zabamhlophe.

Umphakathi we RC uzibophele ekukhandeni amathuba okuthi wonke umuntu enze lokhu:

  1. Ukuqalisa ama- strategies for goal 1: ahambiselana nokuqeda ukubandlulula ngokwe bala.
  2. Ukuqondisisa kabanzi ukuthi ukubandlulula ngokwebala, kanye ne nhlekelele yesimo sezulu kuhlangana kanjani.
  3. Ukukhipha (discharge) amaphethini nendlela yokwena izinto ekungeyabamhlophe, eyenza ukuthi beqhubeke njalo besimamise umnotho wabo.
  4. Ukukhipha (discharge) imizwa yokuswela Amandla, ehambiselana neminye imizwa ezovimbela ukuthi sithathe amagxathu okuqeda ubandlululo lwebala.

Ending genocide and honoring indigenous sovereignty

Ukuvikela umhlaba kuza njenge mvelo kulabo abomdabu, futhi ke banekhono lokusimamisa konke okuphilayo emhlabeni.

Umphakathi we RC uzibophele ekufundeni kabanzi, ekukhipheni (discharge), kanye nasekusekeni imigomo esizibekele yona owungowokuqeda ukubulala abantu ngobuningi kanye nokuhlonipha ukuzihola kwalabo abomdabu.

Ending classism

Umphakathi we RC uzibophele ekwakheni ubudlelwano, nokufunda kulaba abayiningi ezizweni abenza imisebenzi yezandla, phecelezi “the working class”.

i-working class ayimelwanga ngendlela eyanele emiphakathini yethu, yize kuyibona abamele iningi Labantu mhlaba wonke jikelele. Ubuholi balaba bantu buyinqaba ekwakheni ushintsho oludingekayo, nokwakha ubudlelwano obudingekayo ukuze kuzoqedwa inhlekelele yesimo sezulu.

Ending sexism and male domination- Ukuqedwa kokucwasa ngobulili kanye nokuphatha kwabesilisa

Abesifazane kanye namantombazane bayabaleka kwisibalo salaba abanamandla amakhulu wokuqeda inhlekelele yesimo sezulu. Banolwazi olunzulu kakhulu ikakhulukazi nje ngoba bengabanakekeli, abaholi bomhlaba, kanti futhi bangabaholi bemiphakathi. Banikeza imiphakathi yabo izindlela zokulima ezasisetshenziswa nasendulo ezisimeme.

Ukuxhashazwa kwenzalo yabesifazane, ukunakekela imindeni, imisebenzi yabo yokulima nemisebenzi yasemafemini kanye, kanye nenhlupheko Kubeka abesifazane engcupheni enkulu yokunukubezwa ngokocansi kanye nodlame oluqhamuka kwabesilisa.

Abesifazane, abancane nabadala bangama lunga asemqoka kakhulu yalaba be-working class kanye nalabo abomdabu. Siyakuqonda ukunquma kwazo zonke izingcindezi ababhekana nazo, siyayiqonda imisebenzi okumele yenziwe ukuze kuzoqedwa ingcindezi engaphakathi kwabo.

Umphakathi we RC uzibophezele ekuqedeni ukuhlukana Phakathi kwabantu besifazane, sizibophezele ekwakheni ubumbano lwabesifazane sibe sibamukela nabesilisa abangabafowabo ukuze kuqedwe ukuxhashazwa nengcindezi yabesifazane, kanye nemvelo.

Ending the oppression of young people- ukuqeda ingcindezi yabantu abasha

Intsha ingabokuqala ababhekane nemiphumela yenhlekelele yesimo sezulu, imiphumela yamanje neyakusasa.

Umphakathi we RC uzibophele ekukhandeni amathuba entsha ukuze izokwazi ukukhipha (discharge) usizi olubangelwa ukucindezeleka. Kuphinde kukhandwe amathuba abantu abadala okuthi nabo bakhiphe (discharge) usizi olubangela ukuthi bahleleke ukweseka intsha ngokufanelwe nangokwenele.

Siyabeseka ubuholi bentsha, futhi ke, siyabeseka abadala ukuba bahlale maduze nentsha, babenobudlelwano bebhekane nenhlekelele yesimo sezulu ndawonye.

Ending antisemitism- Ukuqeda i-antisemitism

Umphakathi we RC uzibophele ekutheni uqonde imizwa yokungamelani nama-juda, phecelezi ukuqondakala kwe-antisemitism. Ukuqonda ukukhula kwe antisemitism mhlaba wonke jikelele kanye neqhaza layo ekwenzeni buthaka umsebenzi wokulwela ukuqeda ubandlululo lwebala.

Sizibophele ekukhipheni (discharging) amaphethini e-antisemitism, siphinde siphambane nama phethini ayo i-antisemitism angaphakathi kuthina.

Sithatha amagxathu, siqinisekise ukuthi siyayiqhakambisa i-antisemitism ezinkundleni zonke zenkululeko.

Ending gay oppression

Kusukela kudala kuze kube inamuhla, ingcindezi yabantu abangamalunga e-LGBTQ isetshenziswa njengesikhali sokuhlukanisa, siphindisele emuva imizamo yenkulouleko kanye nemizayo yokulwa nenhlekelele yesimo sezulu.

Umphakathe we RC uzibophele ekuqondeni nasekuqedeni ingcindezi ebhekana nabantu abathandana nalaba bobulili obufanayo nobabo, ukukhipha (discharging) nokuthatha izinyathelo zokuqeda yonke ingcindezi ebhekane nemiphakathi ye-LGBTQ.

Ending the oppression of disabled people- ukuqeda ingcindezi yalaba abaphila nokukhubazeka

Abantu abaphila nokukhubazeka nabo bayathinteka kwimiphumela yenhlekelele yesimo sezulu. Basethubeni elikhulu ukulahlekelwa amakhaya, ukulimala noma ukubulawa. Esikhathini esiningi baleka kulaba abahlwempu kakhulu. Abantu abaphila nokukhubazeka bakhombisa ubumbano olusemqoka ekuqhaqhambiseni enhlekelele yesimo sezulu, nokuqinisekisa ikusasa elihla lwempilo.

Umphakathi we RC uzibophele ekuqedeni ingcindezi yalaba abaphila nokukhubazeka, kanye nokukhipha (discharge) usizi olubanga ukuthi izimpilo zabaphila nokukhubazeka zithatheke kancane sigcine sesingabaphathi njengabantu abaphelele. Siphinde sizibophele ekwakhenu ubudlelwano nalana abaphila nokukhubazeka, sifunde kubona.

Ending all other mistreatments- Ekuqeda konke okunye ukuphathana kabi

Umphakathi we RC uzibophele ekuqedeni konke okunye ukungaphathani kahle okutholakala emiphakathini yethu. Sizosebenzisana ekubeni ngabahlobo bokuqina ukuze sizosusa noma uluphi usizi (distress) ekubelaka khona nosizi baloyo ongumcindezeli oluvimbela ukuthi sisebenze ndawonye ngendlela yobumbano.


Last modified: 2024-01-09 01:53:34+00